Umqeqeshi weSuperSport United esibuye ngamandla kule sizini, uGavin Hunt, uthi noma iqembu lakhe liza kahle akaliboni lincintisana neMamelodi Sundowns kule sizini.
UHunt usamile kwakusho emasontweni ambalwa edlule ukuthi yi-Orlando Pirates kuphela ayibona ikwazi ukuncintisana neSundowns kule sizini.
“Angiboni ukuthi sesisondele…sizama ukuqoqa amaphuzu kuwo wonke umdlalo, kodwa angicabangi ukuthi sesisondele. Ngibona kusayiPirates kuphela engakwazi ukumisa kabi iSundowns. IPirates kuphela ezoncintisana neSundowns, thina abanye siyazidlalela nje,” kuchaza uHunt ecashunwa yiphephandaba iSowetan.
Lo mqeqeshi osebeke iSuperSport kunombolo 3 kwi-log yeDStv Premiership, uthi akafuni abadlali bakhe bazikhukhumeze ngenxa yomgqigqo wabo omuhle kule sizini. Uthe abadlali abazozikhukhumeza uzobakhipha eqenjini.
UHunt uthe unenqwaba yabadlali abasebasha afuna ukubafundisa ukuthi inqotshwa kanjani imidlalo yebhola ngoba wathola amasonto amabili kuphela ngaphambi kokuthi iqale isizini.
ISSU izobhekana neStellenbosch ngesonto elizayo ngoLwesibili.