Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti uthi umgadli waseFrance uKylian Mbappe engafinyelela ezingeni likaCristiano Ronaldo kwiReal Madrid uma eqhubeka nokuzikhandla.
U-Ancelotti ubeke kanje ngemuva kokubuka uMbappe nozakwabo bengcwaba iManchester City ngo 3-1 (agg 6-3) kumaplayoff eRound of 16 kwi-UEFA Champions League. Kulo mdlalo uMbappe uvalele ihat trick yakhe yokuqala kwiMadrid.
“UMbapphe unekhono elanele ukufinyelele kumarekhodi kaRonaldo kodwa kumele azikhandle ngoba uCristiano wabeka izinga eliphezulu kakhulu,” kusho u-Ancelotti ngemuva komdlalo weMadrid neCity.
“Ujabule ngokudlalela iMadrid, engalifica izinga likaCristiano.
“Wonke umuntu ubelinde ihat trick yakhe yokuqala. Kodwa ke uMbappe akuyena yedwa umdlali onekhono okwazi ukwenza umehluko enkundleni. Bayakwenza konke ngokubambisana.”
URonaldo ungamshayi wamagoli obadlula bonke emlandweni weMadrid njengoba evalele amagoli awu-451 emdlalweni ewu-438 kwiLos Blancos.
UMbappe unamagoli ayisikhombisa emdlalweni ewu-10 kwiChampions League. KwiLaLiga unamanqaku awu-17 emdlalweni ewu-22, usembangweni weGolden Boot noRobert Lewandowski osevalele awu-20.