Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane usezwakalise ukunengeka ngamaphutha abadlali bakhe basemuva abaqhatha nenduku kule sizini.
Usuthu luthole isibhaxu sika 4-2 kwiSekhukhune United ngoLwesithathu. ISekhukhune ikore amagoli amabili sekuyophela umdlalo.
“Ngikhathazekile ngalento. Abadlali basemuva bayazi sesidedele amagoli amaningi angenasidingo, bese siyabuya sizodlala kanje futhi,” kusho uZwane ngemuva komdlalo abashiye kunombolo 8 kwilog yeBetway Premiership.
“Yinto esidinga ukusebenza phezu kwayo, sizame ukuyilungisa. Buka nje amagoli esiwadedela namhlanje, yingenxa yamaphutha asemuva. Ngiwumuntu othanda ukuvikela abadlali kodwa asikwazi ukuqhubeka kanje. Asikwazi ukudedela amagoli ngale ndlela uma sifuna ukudlala kangcono.”
AmaZulu azobhekana neMagesi FC ezama ukusuka ezembeni. Leli qembu eseliphekwa wu-Owen da Gama liqoqe amaphuzu aphelele emdlalweni emibili edlule okufakele amaqembu angaphezu kwalo ingcindezi.