Ungqongqoshe wezokuThutha kuleli uFikile Mbalula uthi ukuvumela amatekisi ukuthi alayishe agcwale iyona ndlela abazama ukuvikela ngayo imboni yamatekisi kulesi sikhathi seCovid-19 esesiwise inqwaba yamabhizinisi nemisebenzi.

Ngesikhathi kusaqala ukuthanjiswa kwemigomo yokulayisha kwamatekisi uhulumeni wayethe abmatekisi bangagcwalisa u-70%, abantu bahlale ngokuqhelelana. Ngemuva kwamasonto kunokuvumelana phakathi kukahulumeni nosomatekisi ngalokhu, uhulumeni wayilahla ngokuvumela amabhanoyi ukuthi alayishe agcwale ngesikhathi esevunyelwa ukuthatha abagibeli. Lokhu kwayicasula kakhulu imboni yamatekisi eyaphinde yazwakalisa ukungenami nangoxhaso lukaR5000 itekisi ngayinye lukahulumeni.

Ngemuva kwalokho kwaba nemibhikisho, uhulumeni wagcina egobe uphonde njengoba abanye ososeshini bayalela abashayeli ukuthi balayishe abagibeli bagcwalise mfi njengoba kwenziwa nasemabhanoyini.

Echaza ngesimemezelo esenziwe uRamaphosa sokuvumela amatekisi ukuthi agcwale uMbalula uthe ibidinga ukuhlengwa le mboni.

“Asiwufuni u-100% futhi asiwufuni no-70% (wabagibeli). Sifuna kungene u-50% ukuze abantu bahlale ngokuqhelelana. Uma singenza lokho kodwa…uma sesikhuluma iqiniso nje, ingaba kuphi imboni yamatekisi ezinyangeni ezimbili?” kubuza uMbalula.

“Ubani ozokhokhela amatekisi abo emabhange, ngoba ngisho nalawo esikhuluma nawo sicela ukuthi ahlehlise isikhathi sokukhokha, hhayi ukuthi izikweletu zizovalwa.”

Ungqongqoshe wezokuThutha kuleli uFikile Mbalula. Isithombe: GCIS

UMbalula uqhube wathinta odabeni lwemibandela eyabekelwa abemboni yamatekisi ukuthi bazibhalise njengamabhizinisi eveza ukuthi ngesikhathi ejutshwa kulo mnyango phakathi kwemisebenzi abekelwa yona ukuguqula imboni yamatekisi.

Uthe zisaqhubeka izingxoxo phakathi kukahulumeni nemboni yamatekisi ngoxhaso.

“Imboni yamatekisi inkulu kunazo zonke kwezokuthutha. Idinga ukuvikelwa. Uhulumeni udinga ukuyivikela nokuyeseka le mboni. Siyakulungisa lokho.”