Minenhle Zwane
Bahlalele ovalweni abazali kanye nezitshudeni zaseDurban University of Technology (DUT) kulandela ukubhebhetheka kwegciwane iCovid-19 kulesi sikhungo semfundo ephakeme.
Ngokwesitatimende esikhishwe umkhandlu waseDUT obhekelele ukulwa neCovid-19 kulesi sikhungo sebewu-26 abahaqeke ngaleli gciwane kanti lesi sibalo sihlanganisa othisha nezitshudeni.
UNompumelelo Dlamini owenza izifundo zePublic Administration eDUT uthi uzizwa enovalo kakhulu njengoba isikhungo singabahlinzekanga ngezokuzivikela ezanele.
“Safika endaweni okuhhlala kuyo abafundi sahlinzekwa ngezimfonyo kuphela sanganikwa izibulali magcinwane. Sathi uma sibuza konogada bathi asizithengele awekho. Ngiyazibuza ukuthi sasibuyiselwani kuma-res uma bengakakulungile ukusamukela ngendlela ephephile?” kuchaza uNompumelelo.
Uqhube wathi ngokubona kwakhe ukubuyiselwa kwezitshudeni ezindaweni kuma-res kungase kudale ukuthi leli gciwane liqhubeke lizicanasele.
Esinye isitshudeni sibuze ukuthi kungani kuthiwa abazohlala esikhungweni ekubeni besaqhubeka nokuzifundisa kwi-internet.
“Angisabulali ubuthongo ngisabela impilo yam angizizwa ngiphephephile kulesi skhungo njengoba izinga labahaqekile linyuka. Okubuhlungu ukuthi abanye bethu kuthiwa asizohlala ema-res kodwa asivumelekile ukuyofundela esikhungweni sifunda kwi-internet okuyinto engangingakwazi ukuyenzangisekhaya,” kusho Nolwazi Ntshingila.
Umzali wesitshudeni esifunda eDUT uthe kungakuhle zisheshe zibuyiselwe emakhaya izingane zabo uma liqhubeka nokubhebhetheka leli gciwane,
“Njengomzali ngibona ukuthi kumele sibuyekezwe isinqumo sokuvulwa kwezikole ngoba izingane zethu kanye nathi imbali siya hlukumezeka ilezi zibalo ezinyuka kangaka.Silindele izithelo ezinhle ezinganeni zethu hhayi ukuthi zibulawe yiCovid-19, ngakho kungakuhle zisheshe zibuyiselwe emakhayam,” kuchaza uNombuzo Mnguni.
Esitatimendeni esikhishwe yiDUT abafundi bayanxuswa ukuthi baqhubeke nokulandela imigomo yokuzibikela ebikiwe.
Imizamo yokuthola abaphathi besikhungo ukuba baphawule ayiphumelelanga.