Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp ukhale ngokudembesela kwabadlali ezakhe zishaywa yiBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership izolo.
ICeltic ibilandela ngemuva kodwa yagcina iwine ngo 3-1 eTuks Stadium. UMiddendorp uthi abadlali bakhe bayibukele phansi iCeltic, behlisa igiya emdlalweni.
“Lokhu kuyenzeka uma ubukela izimbangi zakho phansi. Sikwenzile lokho namuhla. Besicabanga ukuthi kuzoba lula siqhubeke nomgqigqo wethu esiwuthole ngesikhathi sishaya iPolokwane City emdlalweni odlule. Ngebhadi, lokho akusebenzanga. Besiwuphethe umdlalo kodwa umfutho besingenawo. Sihlulekile namuhla. Kunzima ukubhekana neCeltic,” kuchaza uMiddendorp ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
IChiefs ihambe phambili ngegoli lika-Eric Mathoho. ICeltic ilinganise ngegoli likaMotebang Sera elingene esikhathini esengezwe unompempe esiwombeni sokuqala. ICeltic ibuye ekhefini isivutha njengoba uSera neLetsoalo beshaye amagoli anqobise iCeltic.
Ebuzwa ngesinqumo sokushintsha uLebogang Manyama sekubuywa ekhefini, uMazinyo uthe lomdlali unenkinga yomsipha.
“UManyama unenkinga yokudonseka umsipha. Simbeke engcupheni ngokumqalisa umdlalo ngoba ubengagijimi kahle enkundleni. Bengifuna ukuqinisa ophondweni lwesokudla ngoba besinenkinga khona. Kube nzima ngoba sidedele igoli ngomzuzu wesibili sibuya ekhefini. Kumele siphoxeke ngoba asidlalanga njengeqembu ebelifuna ukuwina. Sizoxoxa ezinsukwini ezilandelayo ukuze sizolungiselela umdlalo weStellenbosch,” kubeka uMiddendorp.
Amakhosi abesethubeni lokuvula igebe ngamaphuzu angu-9 esicongweni uma ewina lomdlalo. Kuyimanje, iqembu elisendaweni yesibili kwiligi iMamelodi Sundowns izosala ngamaphuzu amathathu kwiChiefs uma ishaya iMaritzburg United ngoLwesihlanu.
IChiefs inethuba lokubuyisa izinduku uma isibhekene neStellenbosch ngoMgqibelo e-Orlando Stadium.