Sphamandla Gumede
Uncome ukuzinikela kwabadlali umqeqeshi weBloemfontein Celtic uJohn Maduka ezakhe zixebula iqembu elisesicongweni se-Absa Premiership iKaizer Chiefs ngo 3-1 eTuks Stadium ngoLwesithathu.
ICeltic ibilandela ngemuva kwiChiefs ngegoli lika-Eric Mathoho. ISiwelele siphendule amatafula uMotebang Sera noVictor Letsoalo bebhakuzisa inethi. USera uqede lomdlalo eshaye amagoli amabili.
UMaduka uthe ukuba bukhali phambi kwamapali yikhona okwenze iqembu labuya namaphuzu agcwele kulomdlalo.
“Besihlele ukuvala emuva ngoba asinayo inkinga phambi kwamapali. Siyakwazi ukushaya amagoli, siyashesha yingakho sibuye namaphuzu agcwele. Siyazi ukuthi kuyinkinga ukuhlala emuva uma ubhekene neChiefs ngoba inabadlali abakwaziyo ukungqofa amabhola ngekhanda. Besifuna ukubadlalisa, sibafakele ingcindezi ukuze bezohluleka ukudlala ngendlela abayijwayele. Sizohlelela umdlalo ngamunye futhi sizojabula uma sifinyelela kwi-top 8.
ISiwelele asikaze sihlulwe selokhu kwabuya imidlalo ohlelweni lwe-(bio-bubble). ICeltic yabhaxa iBaroka ngo 3-0 kwiNedbank Cup yalandela ngokudlala ngokulingana neSuperSport United emdlalweni weligi odlule.
Ngalomphumela, iCeltic inyukele kunombolo 10 kwi-Absa Premiership, okuyibeka ethubeni lokungena kwi-top 8 uma ivunwa imiphumela yeminye imidlalo. ICeltic izovakashela Amazulu eLucas Moripe Stadium ngeSonto.