Intatheli Yezemidlalo
Umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp uthi isikhundla asibambe kuleliqembu kungenzeka kube ngesokugcina ebholeni elikhokhelayo njengoba esikaza ukushiya kulomdlalo.
Ekhuluma ne-website yaseGermany iSportbuzzer, uKlopp uthe ucabanga ukuthatha ikhefu lonyaka owodwa ngemuva kwenkontileka yakhe neLiverpool ephela ngo-2024.
“Ngizohlaba ikhefu lonyaka owodwa, ngizibuze ukuthi ngisalikhumbula yini ibhola likanobhutshuzayo. Uma impendulo ingayinhle, ngizobe sengiqedile ukusebenza njengomqeqeshi,” kubeka uKlopp.
UKlopp (53) wayefuna ukuhlaba ikhefu ngesikhathi eshiye kwiBorussia Dortmund ngo-2015 kodwa wathatha wavuma esenikezwa umsebenzi iLiverpool. ILiverpool yayixoshe umqeqeshi uBrendan Rodgers ngo-Okthoba 2015.
UKlopp ufike washintsha izinto e-Anfield njengoba enqobe i-UEFA Champions League ngo 2019, waphinde wadla isicoco se-English Premier League neqembu. ILiverpool ibisiqede iminyaka engu-30 yagcina ukuwina lendebe.
“Uma sengiyekile ukuqeqesha ngolunye usuku, ngeke ngikhohlwe imicabango yokusaba ngaphambi komdlalo. Lokho akuhlekisi impela,” kuchaza uKlopp.