Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi kwenzeke abekufisa ngokugwema i-Orlando Pirates ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobhekana kuma quarter-finals eCAF Champions League izolo.

ISundowns iqhathwe neqembu ebeliphekwa wuCardoso ngesizini edlule, i-ES Tunis. ISundowns ayikaze iyidle iTunis phambilini noma sebebhekene kane, kodwa uCardoso ukwamukele ngezandla ezivulekile ukuqhathwa nayo kunePirates.

“Bengingafuni ukubhekana nePirates ngoba ngicabanga ukuthi kuzoba ngcono kakhulu uma sithola iqembu lakwelinye izwe.

“Besingabhekana ne-Esperance noma ne-Al Hilal. Omabili amaqembu anzima. Kodwa ke ngicabanga ukuthi nathi sineqembu eliqinile. Ngicabanga ukuthi iqembu esizobhekana nalo liqinise ngabadlali abasha ngoJanuary ngakho kuzofanele sibabuke.

“Ngingakuveza nje ukuthi angisayazi i-Esperance selokhu ngashiya. Bengingayibuki. Ngiyayilandela imphumela yayo kodwa angazi idlala kanjani. Ngiyazi kodwa ukuthi benza kahle nokuthi basesicongweni kwiligi.

Khonamanjalo, iPirates izotholana phezulu neMC Alger, yase-Algeria kuma quarter-finals.