Kubikwa ukuthi i-Orlando Pirates ibeke imali ‘engazibeki’ etafuleni leRichards Bay FC isayinisa umgadli weBafana Bafana uYanela Mbuthuma (23).

Njengoba besibikile, kukhuphule intshesekele yeBucs ukufuna ukusayinisa uMbuthuma (23) ngemuva kwendlela adlale ngayo kwimidlalo yobungani yeBafana Bafana muva nje, lapho athole khona ithuba lokudlala nabanye abadlala be-Orlando Pirates.

Ngokombiko weSABC Sport lo mdlali uzokwethulwa njengomdlali omusha weqembu ezinsukwini ezilandelayo.

Lo mdlali ubesanda kusayina inkontileka yeminyaka emihlanu kwiNatal Rich Boys, nabanye abadlali beBay abashaye into ecokeme ngesizini edlule. IBay yathi abekho endalini laba badlali kodwa abaningi bakupopola nokuthi kukhushulwa inani labo ngokuba sayinisa izinkontileka ezintsha.

UMbuthuma wumdlali wesibili ukujoyina iBucs esuka kwiBay, ulandela uNkosikhona Ndaba (22)osayine ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.