Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uTshepo Masilela ubona uPuso Dithejane engangena khaxa kuMakhosi uma engaqoka ukubuyela eNaturena.
UDithejane ungomunye wabadlali abashisayo kwiBetway Premiership kule sizini noma esale ngaphandle esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwi-2025 Africa Cup of Nations (AFCON).
Kule sizini unamagoli amane nama-assist ayisithupha emdlalweni ewu-15. Kuzokhumbuleka ukuthi uDithejane wanqanyulelwa inkontileka ye-academy kwiChiefs ngemuva kokunqaba ukuba yi-ball boy, wasayiniswa yiTS Galaxy.
“Uma ebuya uzolithola ithuba nakanjani kwiKaizer Chiefs,” kusho uMasilela.
“Kwesinye isikhathi abadlali kufanele babuke ukuthi iqembu liqeqeshwa wubani, nokuthi udlalisa liphi uhlobo lwebhola, ngoba isikhathi esiningi abadlali bavele babuke imali negama leqembu.
“Buka isimo uJayden Adams akuso kwiMamelodi Sundowns, usephumile kwiBafana Bafana…hamba uyokhuluma nomqeqeshi kanye neSporting Director ngaphandle kwe-agent yakho, uthole kabanzi ukuthi lithini icebo nendlela yokudlala kweqembu ukuze uzocaciseleka ukuthi uzodlala kuphi.
“Kodwa ngibona uDithejane ezolithola ithuba kule Chiefs. Ngibuka indlela edlala ngayo phambili iChiefs, uDithejane uzongena khaxa.”
Nowayengumdlali weMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates uCheeseboy Mokoena uthe ubona uDithejane ewuhlobo lomdlali ongangena kahle kwi-attack yeChiefs kuneyePirates, njengoba kubikwa ukuthi nayo iyambuka.