Obewumqeqeshi weCarling All-Stars uManqoba Mngqithi ukholwa wukuthi baningi abaqeqeshi bamaqembu ePSL abangathanda ukusayinisa umgadli weKaizer Chiefs uNaledi Hlongwane.

Lo mgadli (19) bekulindeleke ukuthi abe yingxenye yefirst team kule sizini ngemuva kokukhushulwa esuka kuma reserves ngesizini edlule.

Izinto azimhambelanga kahle nokho wagcina esephoqelekile ukuthi abuyele kuma reserves eChiefs nokuyilapho afike aqhubeka la ayegcine khona ngesizini edlule evalela amanqaku.

UMngqithi uthi baningi abadlali abagajima kwiDStv Diski Challenge abanekhono elanele ukudlala kwiPremiership.

“Baningi abafana abancane abangichazile, kodwa uma ngikhuluma iqiniso nje kugqame kakhulu uNaledi Hlongwane weChiefs,” kusho uMngqithi.

“Uwumdlali abaqeqeshi abaningi bePSL abangathanda ukumsayinisa.

“UBennet Mokoena naye uwumdlali omuhle ofanelwe wukunikezwa ithuba. Ungichazile futhi nonozinti weChiefs [Naphtali Mokoena]…nabanye abadlali baMaZulu. Kunzima ukukhombula amagama abo… kodwa kunesibalo esihle sabadlali abahle.”

Ngaphambi komdlalo wayizolo uMngqithi ubetshele izintatheli ukuthi ngokubona kwakhe iningi labadlali beDDC lingakwazi ukudlala kwiBetway Premiership kodwa amaqembu amatasa adlalisa abanye abadlali ngenxa yezizathu ezihlukene njengamava.