Umqeqeshi wonozinti kwiBafana Bafana uGrant Johnson uthi kuzobasiza kakhulu ukunqoba umdlalo wabo wokuqala kwi-Africa Cup of Nations ukuze bezokhuphula ukuzethemba ngaphambi kokubhekana ne-Egypt neZimbabwe.
IBafana izobhekana ne-Angola emdlalweni wayo wokuqala kwi-2025 AFCON ngo December 22, ngo 19:00.
“Ukubhekana neZimbabwe akukaze kube lula; akusho lutho ukuthi sibhekana nayo kumuphi umqhudelwano,” kusho uJohnson.
“Umdlalo wethu ne-Angola uwukhiye, kufanele siwunqobe.”
UJohnson uthi amava abadlali abaqede kunombolo 3 neBafana Bafana kwi-AFCON edlule azosiza.
“Abadlali abadala esikwatini nabo bamaqoka ngoba sebeke badlala kwi-AFCON edlule, ngakho bayakwazi esizobhekana nakho.”
Ngemuva komdlalo ne-Angola, iBafana izolandela ngomdlalo ne-Egypt kaMoh Salah ngo December 26. Izobhekana neZimbabwe ngo 29 December…okusho ukuthi kuzophela unyaka sekucacile ukuthi izodlulela noma cha esigabeni sama quarterfinal.