Intatheli Yezemidlalo
Umdlali weKaizer Chiefs uHappy Mashiane usebheke ukuvuka ngesicoco seCAF Champions League kule sizini ukuze kuzophela ishobolo leminyaka eyisithupha iqembu lihlulwa ukunqoba isicoco.
IChiefs isishwebe zombili izinkomishi kulesizini iMTN 8 neNedbank Cup. KwiDSTV Premiership, Amakhosi ahleli kunombolo 9 ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-19. Isele ngamaphuzu angu-17 kwiMamelodi Sundowns ehleli esicongweni kwiligi.
“Kumele sisebenze kanzima ukuze siwine indebe ngoba sinesikhathi eside sagcina ukunqoba isicoco. Kuyaqala ukuthi iqembu lifike esigabeni samaqoqo kwiChampions League,” kuchaza uMashiane ecashunwa iDaily Sun.
IChiefs iyibambe endaweni yesithathu kuGroup C ngemuva kwemidlalo emine. Inamaphuzu alinganayo neHoroya AC esendaweni yesibili.
Uma iChiefs iwina imidlalo emibili elandelayo yamaqoqo, izobe isidlulela esigabeni sama-quarterfinals. Amakhosi azodlala neWydad Casablanca ngoMgqibelo, avale ngokuvakashela iHoroya eGuinea ngomhlaka 10 Ephreli.
Lomdlali onamagoli amathathu kulesizini, uphinde wakhuluma ngozakwabo owenza ezibukwayo uNkosingiphile Ngcobo.
“Angeke ngithi mina noNgcobo singabadlali abakhulu kwiChiefs kodwa sibumbene siyiqembu. Ngingasho ukuthi selokhu kufike umqeqeshi no-Arthur Zwane, bayasisiza kakhulu. UHunt usitshele ukuthi silambele ukuphumelela. Izinto azifiki kalula, kumele sisebenze kanzima,” kuchaza uMashiane.