Intatheli Yezemidlalo

Uhleka yedwa umqeqeshi weChippa United kulandela ukumenyezelwa kwezindaba zokuthi usesayinele iqembu lakhe umdlali wasesiswini u-Oupa Manyisa, obhinjelwe yizinhlelo ngemuva kokushiya i-Orlando Pirates kumasizini edlule.

IChippa ngoLwesibili imemezele ukuthi usengowayo uManyisa (32) oke waba semabhukwini eTTM kule sizini kodwa nakhona kwangalunga.

“Kuyangijabulisa kakhulu ukuba nomdlali onekhono namava njengo-Oupa. Uzodlala indima ebalulekile kuleli qembu emdlalweni yeligi nakwiNedbank Cup,” kusho uMalesela.

“Sinemidlalo enzima eza ilandelana ngokushesha kodwa sizozama ukuqeda isizini kahle.”

Lo mdlali usayine inkontileka ezomgcina kuleli qembu kuze kuphele isizini.

IChippa isendaweni yesi-13 kwi-log ye DStv Premiership ngemuva kwemidlalo engu-20. NgoMgqibelo iChippa izobhekana nelinye iqembu elilengela ezembeni, iMaritzburg United. Ngemuva kwalo mdlalo iChippa izokwamukela ompetha beligi abaphendula uManyisa ukudla kwebhentshi, iMamelodi Sundowns, ngo-April 15, okuwumdlalo ozobe ulindelwe ngabomvu.

UManyisa uzojoyina abanye abadlali abanamava kuleli qembu okubalwa kubo uKurt Lentjies, Anthony Laffor no-Freddy Nsambiyumva.