Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila, useveze ukuthi uVusumuzi Vilakazi uzogxila kakhulu kwi-1st team yeChilli Boys kune-development ngoba mningi umsebenzi okusamele bawenze.
UMammila utshela abezindaba ukuthi abakhohlwe ilento yeTechnical Director ngoba ngeke asithole isikhathi sokusebenza nezinhlaka zenkulisa.
“IGolden Arrows ayikho la ekhona kwi-log ngenhlanhla. Usekukhombisile ukuthi ungomunye wabaqeqeshi abafufusayo kuleli.
“Ukuba naye kufana nebhonasi kimina. Okunye, iyekeni lento ye-TD, ngeke asithole isikhathi senkulisa. Umsebenzi wakhe ohamba phambili ukuba yiphini lami, sibeke iChippa kwelinye izinga. Mningi umsebenzi osasihlalele.”
IChippa ikunombolo 12 kwi-log yeDStv Premiership, isanqobe umdlalo owodwa kweyisithupha.
Izobhekana neRichards Bay FC nayo ezidonsela ngodizili kule sizini.
________________________________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala!
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
