Umqeqeshi wamaSpringboks uJacques Nienaber usephinde wanyakazisa osiyazi beRugby emhlabeni efaka amascrum-half amane esikwatini esizobhekana neRomania ngeSonto.

Umdlali ongene wayishubisa sekuyophela umdlalo koweScotland, uGrant Williams, uzoqala kwi-wing, uCobus Reinach unikezwe unombolo 9. Ebhentshini uphinde wabeka amascrum-half amabili njengoba kukhona uJaden Hendrikse noFaf de Klerk oshaye into ecokeme emdlalweni wokuqala neScotland.

“Bonke bayidlala kahle indawo yescrum-half, kodwa uGrant noCobus baphinde bakwazi ukudlala kwi-wing. UFaf unamava okudlala kunombolo 10 njengoCheslin (Kolbe) noWillie. Sinabadlali abakwazi ukudlala ezindaweni ezihlukene nakuma-forwards.

“EHigh School uGrant wayedlala kwi-wing kanti sesike samsebenzisa kule ndawo nathi, sengijahe ukumbona eqala umdlalo.”

Okungase kuphazamise umgqigqo wompetha bomhlaba izindaba zokulimala kukaMelcom Marx ongeke esadlala eFrance.

UNienaber nokho uveze ukuthi ngeke basivale isikhala sakhe ngoba baningi abadlali abakwazi ukudlala kunombolo 2 abakhona esikwatini.

Ukulimala kwakhe kodwa kungenzeka kuvule isikhala sokuthi kubuyiswe uHandre Pollard ongangenanga esikwatini ngenxa yokulimala. UPollard angayixazulula kalula inkinga yamaphuzu aqoqwa ngokukhahlelela amapali. Useluleme manje okusho ukuthi angabizwa noma inini njengoba sekunesikhala. Ngaphandle kwakhe, kukhona noLukhanyo AM.