Umdlali waMaZulu FC odabuka eNamibia osekunesikhathi ekhonjwa kumaqembu aseGauteng, uRiaan Hanamub, usephumele obala ngesifiso sakhe sokudlale elinye lamaqembu amakhulu kuleli.

Lo mdlali ubekhonjwa kwi-Orlando Pirates kuleli windi lokudayiselana abadlali, kodwa umengameli woSuthu uSandile Zungu washaya phansi ngonyawo wathi akayi ndawo ngoba uwumdlali obalulekile kumqeqeshi omusha.

Ekhuluma ne-iDiski Times nokho, uHanamub uthe kuyiphupho lakhe ukudlalela iqembu elikhulu.

“Wonke umdlali unephupho lokudlalela elinye lamaqembu amakhulu kuleli. Kodwa uma kungenzeki, naMaZulu ayiqembu elikhulu futhi kuyangijabulisa ukuba wumdlali wawo,” usho kanje.

Ebuzwa ngokujoyina iPirates, lo mdlali unqabile ukuphawula wathi akuyona indawo yakhe ukuphawula ngalolu daba.

“Ngiwumdlali waMaZulu njengamanje, ngizinikele ngokuphelele eqenjini futhi ngizoqhubeka ngisebenze ngokuzikhandla…ngeke wazi uMdali ukuhlelelen, ngethemba izinhlelo zakhe.”

ITransfer window izovala ngo-22 September kuleli.

________________________________________________________________________________________________________________

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala!

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet 😉

+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar