Umqeqeshi weRoyal AM uDan Malesela usole isinqumo sabaqeqeshi sokwenza izinguquko kubadlali ngokudliwa kwabo yiStellenbosch FC ngo 3-1 ngempelasonto emdlalweni weDStv Premiership.

IRoyal AM ibiqala ukudliwa kule sizini kulandela ukuqoqa amaphuzu agcwele emdlalweni emibili iqalile isizini ka-2022/2023.

“Asidlalanga kahle. Mhlawumbe senze izinguquko la obekungamele sizenze khona, mhlawumbe besingaqhubeka neqembu ebelidlala. Kodwa kwesinye isikhathi uyadinga ukuphumuza abadlali noma kungasebenzanga kulo mdlalo. Kumele sisheshe siyilungise kodwa lento.”

UMalesela ubebonakala ebusweni ukuthi kumphoxile ukudliwa ngale ndlela.

“Sivuleke amehlo kulo mdlalo. Kumele sizame ukulungisa izinto ngaphambi komdlalo olandelayo. Kumele siqoke abadlali abawu-11 esizogadla ngabo kule sizini kodwa nebhentshi kumele liqine likwaz ukwenza umsebenzi ofanayo nabadlali abaqala imidlalo,” kusho uMalesela.

Ngale nkulumo kaMalesela sekucacile ukuthi iRoyal AM kusangenzeka isayinise abadlali ngaphambi kokuthi livale iwindi.

IRoyal AM izobhekana ne-Orlando Pirates ngoLwesithathu ngo-19:30.