Umqeqeshi weSekhukhune United uKaitano Tembo uthi kubalimazile ukukhishwa kukaTashreeq Morris ngekhadi elibomvu ngesikhathi bedliwa yiRichards Bay FC ngo 1-0 ngempelasonto.
ISekhukhune ibiqala ukudliwa kule sizini kulandela ukuqoqa amaphuzu amane emidlalweni emibili yokuqala.
“Besiyiqembu elingcono esiwombeni sokuqala, sakhe amathuba kodwa sangalivalela igoli. UMorris usidlalele kahle kakhulu esiwombeni sokuqala, ukukhishwa kwakhe kusiphazamisile ngempela. Ukudlala umdlalo wesithathu ezinsukwini eziyisikhombisa akukho lula, kodwa ke noma besisele nabadlali abayishumi, sakhe amathuba angcono kunabo. Kodwa ngiyayibongela iBay, yakhe ithuba yalithatha” kusho uTembo ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
IRachards Bay inqobe ngegoli likaYamela Mbuthuma ngomzuzu ka-78. UTembo uthe leli goli lalingagwemeko kodwa yinto abazozama ukuyilungisa nabadlali basemuva.
ISekhukhune izobhekana neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.