Owayengumdlali weKaizer Chiefs osewumhlaziyi webhola, uJunior Khanye, uthi iKaizer Chiefs bayifake esikoleni ngoMgqibelo ngesikhathi inenebulwa ngo 4-0 ibhekene neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership.
UKhanye uthi ompetha beDStv Premiership bayembule izinqe iChiefs kulo mdlalo bayikhombisa ukuthi mningi umsebenzi okusamele wenziwe uMangethe.
“U-Alexander Cole, uMaart noSithebe badlala ngendlela ecishe ifane. Phambili bekungadlalwa kahle ngenxa yokungabibikho kwabadlali abakwazi ukuhamba nebhola baliyise kubagadli, akekho kubadlali baseswini obekwazi ukulanda ibhola kubadlali basemuva axhume nabahlaselayo. IChiefs iyayidinga idefensive midfielder. Phambili kodwa bekubonakala ukuthi uyadingeka uDu Preez,” kusho uKhanye.
Uqhube wancoma iSundowns ngokudlala ingcwenga yebhola. UKhanye uqhube wancoma indlela u-Andile Jali abedlala ngayo, wathi ubekhombisa ukuthi uzobafaka esikoleni abadlali beChiefs.
“Siphinde sabona no-Abubeker Nassir owumdlali oshisayo, bafake lo mdlali behamba phambi ngamagoli amathathu. Ngaphezu kwalokho sebesayinise noBongani Zungu, kusazoshuba kakhulu. URonwan Williams ngimbona engene khaxa kwiSundowns, basayinise kahle nakuye.”
UKhanye uyishayele ihlombe iSundowns wathi ifundise abaningi indlela ibhola okumele lidlalwe ngayo kuleli.