Owayengumdlali we-Orlando Pirates neCape Town City FC, uMpho Makola, akaneme ngendlela izinto ezimhambele ngayo ebholeni, kodwa uthi akazisoli.
UMakola (37) uziqeqesha yedwa njengoba esathungatha iqembu kwiPSL, kodwa alikho eliveyo elizimisele ngokusebenzisana naye. Ngesizini edlule ubekwiPolokwane Citym eqoke ukungamgcini kulandela ukukhuphukela kwiDStv Premiership. Lo mdlali nokho uthi akuphelile ngaye ebholeni.
“Ngisaqhubeka nokuziqeqesha ngedwa ngoba uma ngiyeka kuzofana nokuthi sengithatha umhlalaphansi. Ukuziqeqesha wedwa akufani nokusebenza neqembu, kodwa ngiyaqhubeka. Angijabule ngendlela izinto ezingihambele ngayo ebholeni, kodwa sengifunde ukukwamukela,” kusho uMakola engxoxweni neKickOff.
Mpho Makola seals the points for Cape Town City against Swallows with an 𝙪𝙣𝙗𝙚𝙡𝙞𝙚𝙫𝙖𝙗𝙡𝙚 free-kick 🎯💫#DStvPrem pic.twitter.com/SRnXEUmlZb
— SuperSport 🏆 (@SuperSportTV) December 18, 2021
“Ugcina usuzibuza, kungani kungihambela kanje mina? Kwenzekeni? Kodwa ngiyakwamukela, kuyingxenye yebhola. Akukho okungapheli.”
UMakola uqhube wathi uma ebuka imidlalo yePSL, uyabona ukuthi kukhona asangakwenzela iqembu elingamsayinisa kodwa uma kungaqhamuki lutho akanankinga.
“Uma ngikhuluma ngempilo yami ebholweni kodwa, akukho engingathi ngiyazisola ngakho, konke okwenzeka kunesizathu sakho; okuhle nokubi.”