IManchester United igcine inqume ukummisa isikhashana umdlali waseBrazil, u-Antony, obhekene nezinsolo zokuba nesandla esilula kubantu besifazane ayethandana nabo

Njengamanje bathathu abesifazane asebephumele obala bethi u-Antony wayebashaya. Intombi yakhe yokugcina ize yaveza ukuthi ngisho odokotela be-United bake babizwa emzini wabo ukuze indaba ingafiki kwabezindaba.

NgeSonto i-United nalo mdlali bashicilele izitatimende bethi bavumele ngokumiswa kwakhe eqenjini ukuze abhekane nophenyo ngaye. Okwamanje akwaziwa ukuthi uphenyo abhekene nalo luzothatha isikhathi esingakanani njengoba kudlule izinyanga eziwu-19 kulungiswa olukaMason Greeenwood, okuphethe ngokuthi iqembu limdedele ngisho engagwetshwangwa.

No-Antony angase abhekane nenkinga efanayo ngisho engatholwanga enecela, i-United kungenzeka ifakelwe ingcindezi yokuthi imdedele ukuze ingamataniswa naye.

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala!

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet 😉

+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar