Ubonge izintokazi zakwaWilliams, uSerena noVenus, umpetha omusha we-US Open, uCoco Gauff, ngokumvulela indlela kumdlalo weTennis. Bekungokokuqala uGuaff enqoba iGrand Slam.

Ekhuluma ngemuva kokushaya u-Aryna Sabalenka ngo 2-6, 6-3, 6-2 e-Arthur Ashe Stadium, uGuaff (19) uthe ngabandle kwabo wayengeke akholwe ukuthi naye angakhula akwenze lokhu. Sekunesikhathi lo mdlali kukhulunywa ngaye selokhe eqale ukudlala iTennis ekhokhelayo eneminyaka ewu-15.

“Nginqobe lesi sicoco ngenxa yabo uma ngikhuluma iqiniso. Ibona abangenza ngakholwa ephupheni lami lokudlala iTennis. Niyazi, babengekho baningi abantu abamnyama abadlala lo mdlali ezingeni eliphezulu. Ibona nje ababegqamile, ngisabakhumbula ngisayingane.

“Kuningi engikufunde kubo ngenxa yempumelelo yabo. Bangenza ngakholwa ukuthi nami kungenzeka. Konke abadlula kukho kwenze kwalula ukuthi umuntu onjengami adlale lo mdlalo.