Umdlali waMaZulu uMakhehleni Makhaula uthi basengakwazi ukuguqula amatafula ngokushaya iMamelodi Sundowns uma sebehlangana nayo emdlalweni weligi ngeSonto eLoftus Versfeld Stadium.
AmaZulu awakaze awine emidlalweni emithathu edlule.
UMakhaula uthi kuwumqansa ukudlala neDowns kodwa ubona bengakwazi ukuzinikela babuye namaphuzu amathathu.
“Lomdlalo unzima kakhulu ngoba sidlala ekuhambeni futhi siyahluleka ukuthola amaphuzu, sihlulwe yiChippa United emdlalweni odlule. ISundowns yona iwinile.
Ukuzethemba kuphezulu kwiSundowns, umdlalo uzoshuba kakhulu. Kufanele sizilungiselele, silalele umqeqeshi osukwini lomdlalo,” kubeka uMakhaula ekhuluma nabezindaba izolo.
UMakhaula usola abadlali ngokudelela imidlalo uma bebhekene namaqembu amancane, okuyisizathu esibashayise ngeChilli Boys ngesonto eledlule.
Ufuna abadlali bayihloniphe yonke imidlalo.
“Umqeqeshi engahlela ngendlela yakhe kodwa abadlali abaqedela umsebenzi ekugcineni kosuku.
Kuqondene nokuzethemba, imidlalo emikhulu njengoweSundowns unyusa ukuzethemba. Angichazi ukuthi ngibukela phansi amaqembu amancane kodwa umdlalo weSundowns uyakukhombisa ukuthi uqine kangakanani kwiligi.
Sibaphoxile abalandeli abahlezi bezoseseka enkundleni. Silindele ukuthi bafike ngobuningi uma sesidlala neSundowns. Kufanele sibuye nemiphumela emidlalweni elandelayo,” kubeka uMakhaula.