UKeagan Johannes ukholwa ukuthi isipiliyoni sikamqeqeshi uGavin Hunt sizobasiza kakhulu ezinhlelweni zeqembu zokubuyela ekubeni omakhonya kwiDSTV Premiership.
UHunt ubuyele kwiSuperSport United ekuqaleni kwesizini.
Ngesikhathi easqeqesha okokuqala kuleliqembu, uHunt wanqoba iligi amasizini amathathu kulandelana (2008-2010).
UHunt waphinde wanqoba iligi neBidvest Wits ngesizini ka-2016/17.
ISuperSport iyiqale kangcono iligi njengoba isinqobe imidlalo emithathu, yadlala ngokulingana kwemibili, yahlulwa kweminye emibili.
AmaTsatsantsa ashaya iMaritzburg United ngo 2-1 emdlalweni odlule, azobhekana neKaizer Chiefs kulempelasonto.
UJohannes ubeke kanje ekhuluma nabeSowetan.
“UHunt usenqobe izindebe eziningi ngaphambilini. Uyazi kudingeka ini ukuze uzophumelela. Yize kukhona umqeqeshi ijwayele ukuwina, konke kulele kubadlali. Angeke sehlise umoya, silindele ukuthi uHunt enze umlingo. Kufanele sizikhandle ukuze sizophumelela.
Akusizi ngalutho uma ungayilandeli imiyalelo kamqeqeshi. Kufanele sizinikele singabadlali. Ngikholwa ukuthi singakwazi ukulwela izindebe kodwa kufuneka silalele umqeqeshi,” kubeka uJohannes.
UJohannes uthi balindele umdlalo onzima kwiChiefs abazobhekana nayo ngoLwesihlanu.
“IChiefs iyiqembu elikhulu, angeke silindele umdlalo olula kuyona. Iqembu alenzi kahle okwamanje kodwa baqukethe abadlali abasezingeni, abangakwazi ukujika izinto noma yinini. Asiyesabi iChiefs kodwa angeke siyibukele phansi eFNB Stadium,” kubeka lomdlali.