Umdlali weMamelodi Sundowns ofakwe imata yomhlaba wuRelebohile Mofokeng kowamanqamu weNedbenak Cup, uzithobe inhliziyo ngokuthenga imoto ebiza uR6 million, iBentley Continental GT Azure.
Lo mdlali ekhasini lakhe ku-Instagram izolo ufake isithombe seBentley esihambisane nombhalo othi ‘stress reliever 😅, grateful’ – okusho ukuthi kumehlisele ‘ukhwantalala’ lokudliwa kowamanqamu ukuthenga le moto.
Abaningi bagxeke uZungu ngegoli elivalelwe wuMofokeng elidlise iSundowns ngomzuzu wokugcina, kodwa akukho okutheni abengakwenza empeleni ngoba intwana imshayile. Buka ivideo yegoli likaMofokeng ngezansi.
Noma iphele ngebohlololo isizini yeSundowns, uZungu kufanele ukube ujabule ngesizini yakhe njengoba benqobe isicoco seligi nese-African Football League. Lo mdlali ube nesizini engcono kulokhu uma kuqhathaniswa nesizini edlule njengoba esekwazile ukwehlisa isisindo emzimbeni.

Relebohile Mofokeng's #NedbankCup winning goal in a slow motion 🎥 pic.twitter.com/XNTePsi1Be
— SuperSport Football ⚽️ (@SSFootball) June 2, 2024