Sesivelile isizathu ngokuxoshwa kukaLehlohonolo Seema kwiSekhukhune United okulindeleke ukuthi isikhala sakhe sivalwe wu-Eric Tinkler kuleli sonto.

ISekhukhune ishaqe abaningi ixosha uSeema iqembu likunombolo 5, okuyinto ebingaqali ukuyenza kodwa ebingalindelekile njengoba lo mqeqeshi ebenikezwe inkontileka yeminyaka emithathu ekuqaleni kwale sizini.

Ngeledlule iSekhukhune imemezele ukuthi usexoshiwe uSeema nokuthi umsebenzi wokupheka iqembu uzobanjwa wuKaitano Tembo

Ngokombiko weSunday World, lo mqeqeshi uxoshelwe ukuxoxisana nelinye iqembu lePSL elithungatha umqeqeshi; iRichards Bay FC.

Kuvela ukuthi bezihamba kahle izingxoxo phakathi kukaSeema neBay, ebezisingethwe yi-agent yakhe uKeke Mokoena.

Asazi kanjani, kodwa iSunday World ibika ukuthi kunevoice recording yengxoxo eyayiphakathi kukaMokoena nabeBay eyagcina ifike kumphathi weSekhukhune uJonas Malatji. Ngemuva kwalokho iqembu lathatha isinqumo sokumxosha ‘njengendlela yokuzivikela’.

Akucaci ukuthi uSeema waqala nini ukuxoxa neBay ngokuba wumqeqeshi wayo kodwa lo mqeqeshi ubesevele engahlezi kahle kwiSekhukhune njengoba kwaqala ukuvela imibiko yokuthi leli qembu lixoxisana no-Eric Tinkler.

Kuyimanje kubikwa ukuthi wuTinkler osenikezwe umsebenzi wokuqeqesha iqembu, okuyinto ezomenyezelwa kuleli sonto.

IBay ngakolunye uhlangothi kungenzeka ingaluphuthumi udaba lokuqasha umqeqeshi omusha njengamanje njengoba izinto zihamba kahle ngaphansi kukaRonnie Gabriel noPapi Zothwane.