Umqeqeshi weParis Saint-Germain uLuis Enrique uthi ezakhe zizoya e-Anfield zingesabi lutho emlenzeni wesibili we-UEFA Champions League Round of 16 neLiverpool ehamba phambili ngo 1-0.

ILiverpool isinde ngokulambisa ngesonto elidlule ishaya iPSG eyayivutha ingabaselwe kulo mdlalo kodwa yahluleka ukubeka ibhola enethini.

Ngemuva komdlalo, u-Enrique washeshe wakuveza ukuthi amaphutha abewenze kumlenze wokuqala bazowalungisa ngoLwesibili.

Ngemuva kokubuka ezakhe zishaya iRennes ngo 4-1 ngoMgqibelo, lo mqeqeshi uphinde washo okufanayo.

“Sizoya emdlalweni wesibili neLiverpool sisesimeni esihle. Asesabi lutho. Okwethu ukuyodlalela ukunqoba futhi yilokho esizozama ukukwenza,” kusho lo mqeqeshi odabuka eSpain.

“Ibhola kodwa libuye likumangaze…kuyiqiniso ukuthi sasiphatheke kabi ngemuiva komlenze wokuqala kodwa sakwazi ukuhlaziya izinto ngemuva komdlalo futhi ngemuva kokushaya iRennes, iqembu elinzima, sinethemba.

“Ngiyaphinda futhi, asisabi lutho, okusenza sibe yingozi kakhulu.”

Noma ebeka kanje u-Enrique, uma kwenzeka, iPSG iyobe iqophe umlando njengoba iLiverpool ingakaze idliwe emlenzeni wesibili ngemuva kokuhamba phambili kowokuqala.