Kuvela ukuthi umgadli weMamelodi Sundowns, uCassius Mailula, ufunwa yi-AS Monaco egijima kwiFrench Ligue 1.
IMonaco isizakhele udumo ngokukhiqiza nangokuthuthukisa abadlali abaphenduka lento ephezulu ekhekheni e-Europe, njengoThiery Henry, Kylian Mbappe, David Trezeguet, Aurelien Tchoumeni, Bernado Silva, Fabinho, James Rodriguez, Anthony Martial nabanye.
Uma igcina imsayinisa uMailula (22) uzobe elandela ezinyathelweni zikaLyle Foster owasuka kwi-Orlando Pirates wayodlalela iMonaco eFrance. Izinto azimhambelanga kahle nokho uFoster, owagcina esedlala eBelgium, kodwa ukudlala ezingeni eliphezulu kwamtholela inkontileka kwiBurnley FC ezodlala kwiPremier League ngesizini ezayo.
NoMailula ungalindela ukuthi mhlawumbe kwisizini yakhe yokuqala obolekwe iqembu elidlala kuFrench Ligue 2 ukuze ajwayele impilo eFrance. Uma eshaya into ecokeme angazinza njengoLebo Mothiba eFrance.