Ukhonjwa kwiKaizer Chiefs umqeqeshi waseTunisia uNasreddine Nabi, opheka iYoung Africans eTanzania, okubikwa ukuthi inkontileka yakhe kuleli qembu iyaphela ngenyanga ezayo.
Ngokombiko weSABC Sport, iChiefs ngesonto eledlule izwe amanzi ngobhoko ibheka ukuthi lo mqeqeshi engakuthanda yini ukuqeqesha eNingizimu Afrika. Ngemuva kokuthola ukuthi uNabi uzimisele ngokuzama omunye umsebenzi kulandela ukunqoba izicoco ezimbili zeligi kulandelana eTanzania, iChiefs kuthiwa isiqale izingxoxo nabamele lo mqeqeshi.
Ngaphandle kwezicoco zeligi uNabi ubeke iYoung Africans kowamanqamu weCAF Confederations Cup.
Ngesikhathi kuphela isizini ka-2022/2023 kwavela imibiko yokuthi iChiefs isazimisele ngokugcina u-Arthur Zwane kwesokuqeqesha. Indlela okuthule ngayo ezindabeni zabadlali abangenayo nabaphumayo kwiChiefs kwenza abaningi basole ukuthi kungenzeka ukuthi Amakhosi asazama ukuthola umqeqeshi omusha.
Abaphathi beChiefs baqale baveza ukuthi bazozama ukuqinisa itechnical team kaZwane, kodwa kungenzeka iChiefs igcine imehlisele kwesokulekela umqeqeshi wangaphandle, njengoba kwenzeka kuMandla Ncikazi kwi-Orlando Pirates.