Kugcine kuyibhedele iMaritzburg United edliwe yizembe izolo kulandela ukuhlukela ukunqoba umdlalo wayo neCape Town Spurs eHarry Gwala Stadium.

ITeam of Choice ibisihlale iminyaka ewu-15 esigabeni esiphezulu sebhola kuleli ngaphambi kokudliwa yizembe izolo.

Sekunesikhathi kodwa iqembu laseMphithi livika izembe sekuvalwe amehlo, kulokhu akulunganga. Okwamanje akucaci ngekusasa likaFadlu Davids, olandwe umkhumbi usuvele uqalile ukucwila.

Ngakolunye uhlangothi iCape Town Spurs izobe ikhuze ibuya kulesi sigaba eyasigcina ngo-2018 isabizwa nge-Ajax Cape Town. Lokhu kusho ukuthi abathandi bebhola eKapa bangalindela umdlalo oshubile ozoba phakathi kweCape Town City FC neCape Town Spurs kwazise abaphathi balawa maqembu banomlando ongaphelanga kahle.