Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi uthinteke engalweni nasedolweni uHildah Magaia kodwa uzobe esewumqemane ngaphambi komdlalo wabo ne-Argentina kwiFIFA Women’s World Cup.
UMagaia ujabulise abaningi kuleli evalela igoli leBanyana esiwombeni sesibili noma umdlalo ugcine uphele ngo 2-1. Ukuphuma kwakhe elimele kulo mdlalo kulehlisile izinga leBanyana uma iya phambili, kodwa u-Ellis uthi amaphaphu phansi ngoba uzobe ekhona uma sebebhekene ne-Argentina kumdlalo okufanele bawunqobe uma benethemba lokudlulela phambili.
Ekhuluma ngemuva komdlalo u-Ellis uphinde waveza ukuthi iqembu lakhe likhombise ukukhula uma kuqhathaniswa nomdlalo wokuqala abawudlala kwiWorld Cup ngo-2019 abashaywa ngo 3-1 kuwo.
“Ngicabanga ukuthi sesikhulile ngokomqondo. Ngicabanga ukuthi ukunqoba iWAFCON ngonyaka odlule kusisizile kakhulu,” usho kanje.
“Ngiyaziqhenya ngendlela esidlale ngayo noma sidliwe. Noma singawulungiselelanga kahle lo mqhudelwano abadlali bakhombisa ukuzethemba, ngalokho nje kukodwa besingathola umphumela ongcono.