Umdlali we-Inter Milan oshelwa yiManchester United, u-Andre Onana, usephumele obala wathi usekujahe kabi ukusebenza no-Erik ten Hag, owayemqeqesha kwi-Ajax Amsterdam.
Kulindeleke ukuthi lo mdlali amenyezelwe njengomdlali omusha weMan United lingakapheli leli sonto kulandela ukuqinisekiswa kwezindaba zokushiya kukaDavid de Gea.
Lo mdlali useManchester wenza imedical yakhe namhlanje, kodwa usephahlukile ngokusayina kwakhe kuleli qembu.
“Ngifuna ukunqoba iChampions League neManchester United. Sengijahe ukuqala umsebenzi omusha nomqeqeshi osezingeni eliphezulu,” kusho u-Onana.
Lo mdlali uqhube wathi: “Ukudlala kwiPremier League eqenjini elikhulu njengeMan United kuyinto engazibeki.”
Lo mdlali kulindeleke ukuthi ashintshe indlela i-United esusa ngayo ibhola emuva.