Umgadli weBanyana Banyana, uHildah Magaia ukholwa wukuthi bazokwenza kangcono kwiNdebe yoMhlaba kunerekhodi ababuya nalo eFrance ngo-2019.
Abaningi bazokhumbula uMagaia ngegoli alivalela kowamanqamu weWomen’s African Cup of Nations ngonyaka odlule, elanqobisa iBanyana Banyana lo mqhudelwano ibhekene neMorocco.
Ekhuluma neSowetan ngaphambi kokuthi baye eNew Zealand, uMagaia uthe iqembu lihluke kakhulu kulokhu.
“Konke kuya ngokuthi iqembu liqeqesheka kangakanani. Ngikholwa ukuthi mkhulu umehluko phakathi kweqembu elalidlala ngo-2019 nelamanje. Ngangingekho ngo-2019, njengomgadli ngicabanga ukuthi kuningi engingakwenzela iqembu.”
Igoli elilodwa elikorwa yiBanyana kwiNdebe yoMhlaba eFrance lavalelwa wuThembi Kgatlana ngesikhathi ishaywa yiSpain ngo 3-1. Kwaphela umqhudelwano iBanyana ingawinanga nowodwa umdlalo.
IBanyana iqhathwe neSweden, Argentina ne-Italy kuGroup G. Izcovula ngomdlalo neSweden ngo-23 July ngo-7 ekuseni.