Kubikwa ukuthi uiManchester United izimisele ukubeka phansi u£50m ukuze isayinise umgadli waseDenmark obukeka ezoba yingozi phambi kwepali, uRasmus Hojlund (20).
UHojlund usemabhukwini eqembu lase-Italy, i-Atalanta, okuyiqembu i-United esike yathenga kulo phambilini njengoba ilande u-Amad Diallo kulo. Ngokwemibiko evela e-UK i-United izimisele ukukhokha u£50m, iphinde iboleke i-Atalanta uMason Greenwood okuwumgadli osalandelwa yicala lokuhlukumeza noma selingekho enkantolo.
Kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali abasha i-United izimisele ngokuthenga uHarry Kane noma uVictor Osimhen kodwa ayinayo imali yokulanda laba bagadli abafunwa amaqembu angomacaphuna kusale. Iphinde yamataniswa noKolo Muani kodwa naye kwasheshe kwavela ukuthi kuzomele ikhiphe imali yangempela ukuze imthole.
UHojlund noma engabizi kakhulu, ubukeka ewumgadli ongakavuthwa kodwa ozoba yingozi phambi kwepali uma eqeqeshwa ngendlela. Uvalele amagoli awu-16 kuyo yonke imqhudelwano ngesizini edlule.