Umqeqeshi omusha weMoroka Swallows FC uSteve Komphela useveze ukuthi ukhethe ukushiya kwiMamelodi Sundowns ngoba uRhulani Mokwena ufuna ukusebenza ‘nabantu bakhe’.

Ngempelasonto kuthuke abaningi uKomphela emenyezelwa njengomqeqeshi omusha weSwallows, uthatha izintambo kuMusa Nyatama ozoba yiphini lomqeqeshi.

Ekhuluma ne-IOL, uKomphela uveze ukuthi bekusanethuba lokuthu yelulwe ngonyaka inkontileka yakhe kwiDowns kodwa ukhethe ukushiya ngoba ezizwa engasadingeki.

“Njengoba umqeqeshi ebesefuna ukusebenza nabantu bakhe, ngifikelwe umuzwa wokuythi angiseyona ingxenye yezinhlelo. Yingakho ngiqoke ukuqala uhambo olusha neSwallows.”

Ebuzwa ngenkontileka yonyaka ayisayinile kwiSwallows uKomphela uthe yinto ejwayelekile ukusayina inkontileka yesikhashana ebholeni ngoba ngisho abasayina inkontileka yeminyaka ewu-10 abanaso isiqiniseko sokuthi bazohla leyo mnyaka.

Uthe ufuna ukushaya umsebenzi osezingeni eliphezulu ukuze yelulwe.

Uthe umsebenzi wakhe wokuqala ukuqinisekisa ukuthi iSwallows yenza kangcono kwisizini entsha ngoba ayidlalanga kahle ngesizini edlule.

Buka ingxoxo yakhe noRobert Marawa: