Umqeqeshi weRoyal AM ugcizelela izwi lokudlala ngobuhlakani uma ezakhe sezitholene neMamelodi Sundowns koweBetway Premiership, eLoftus Versfeld, ngoLwesithathu.
IThwihli Thwahla ayikaze inqobe nowodwa umdlalo kwemine yeligi selokhu kuqale isizini ka-2024/25.
Leliqembu, elivithizwe yiCape Town City ngo 3-0 kwiCarling Knockout ngempelasonto, linerekhodi lokubuya nephuzu elilodwa emdlalweni ngamunye kwiligi.
UMaduka ubona kuzolisiza iqembu ukubuya kwabadlali abangadlalanga koweCarling njengoba ebaphumuzile.
“Sinomdlalo onzima osekuhambeni. Ngifikelwa yinjabulo ngabadlali engibaphumuzile, bazobuya beyimiqemane emdlalweni weligi.
“ISundowns iyiqembu elilwela isicoco seligi, ngilindele umdlalo onzima. Kufanele singazitheli ngabandayo. Umdlalo siwubheke ngabomvu, kufanele siwuhlelele ngobuhlakani ngoba oweligi, akuwona owenkomishi,” kubeka uMaduka ekhuluma nabezindaba.
UMaduka uthi induku abayithole kwiCity imkhombise izindawo ezisadinga ukulungiswa.
“Abadlali abaqale esikimini sibhekene neCape Town City bebeqala ngqa ukudlala kulesizini. Bengivele ngiwalindele amaphutha abawenzile.
“Kuningi engikubonile okungijabulisayo. Kukhona okungekuhle kodwa ngizozama ukulungisa nalapho ngoba singaphansi kwengcindezi. Bekubalulekile ukunikeza abanye abadlali ithuba, sibone abangakwenzela iqembu,” kubeka uMaduka.
ISundowns ithela isibhaxu kuphela kwiBetway Premiership njengoba iqhwakele esicongweni ngemuva kokunqoba imidlalo emithathu.