Umqeqeshi weSekhukhune United uLehlohonolo Seema uyalele abadlali ukuthi banake iBetway Premiership okuyiyona ebalulekile, bakhohlwe ngomqhudelwano asebekhishiwe kuwo iCarling Knockout.
IBabina Noko iphinde yaliwasha zisuka ijezi ihlulwa yiRichards Bay ngo 1-0 koweCarling Knockout, eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto.
ISekhukhune yakhishwa kumaquarterfinals eMTN8, yaphinde yathelwa othulini kusahlungelwa is igama samaqoqo kwiCAF Confederation Cup.
USeema uthi kufanele bagxilise imiqondo kwiligi njengoba sebephumile kwimiqhudelwano yezinkomishi.
“Siphoxekile ngokukhishwa kulomqhudelwano. Indebe yesithathu esikhishwa kuyo zisabekwa, sekuzoba nzima ukubheka abanye abadlali ngoba imidlalo yeligi ayikho miningi.
“Sizama ukuhlanganisa iqembu, sizomangaza abaningi uma selibumbeke kahle leliqembu. Sizogxila kwiligi manje,” kusho uSeema ekhuluma nabezindaba eKing Zwelithini Stadium.
IBabina Noko, ehleli endaweni yesithathu kwiligi, izovakashela iRoyal AM koweligi ozobanjelwa eHarry Gwala Stadium, ngoMgqibelo.
“Bengizokhathazeka kakhulu ukube imiphumela ibingahlangani kwiPremiership. Kunenqwaba yabadlali abasha esizama ukubajwayeza isitayela seqembu. Simatasa nomsebenzi okwamanje, sizoqhubeka nokuzikhandla ukuze sizoqoqa amaphuzu kwiligi.
“Kunabadlali abasazama ukubamba isitayela seqembu. Kuyaphoxa ukukhishwa kweyezinkomishi kodwa simatasa nomsebenzi ejimini. Umbandela wethu ukwenza kahle kwiligi.
“Sizofaka umfutho kwiligi, siqinisekise ukuthi asiwalahli amaphuzu. Sihleli endaweni enhle, sinethuba lokwenza kangcono, yingakho kufanele siqinise kwiligi,” kubeka uSeema.