Umgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa uthi amathemba abo okunqoba isicoco seligi awalalele ekushayeni iMamelodi Sundowns ngeSonto kodwa uyavuma ukuthi kuzobasiza ukuthatha amaphuzu aphelele.
IPirates isele ngamaphuzu awu-18 kwiSundowns kodwa inemidlalo emine esandleni, okwenza abadlali nabalandeli bayo bakholwe wukuthi basangasinqoba isicoco seligi. Uma iBucs iyinqoba yonke imidlalo esesandleni, nalona weSundowns, izosala ngamaphuzu amathathu kuphela kwiDowns.
UMabasa uthi akukapheli ngombango wesicoco ngenxa yalokhu.
“Angiboni ukuthi amathemba okunqoba isicoco alele kulo mdlalo wethu neSundowns,” kusho yena ngoLwesine.
“Kusanemidlalo eminingi esisazoyidlala namaphuzu amaningi esisazowalwela. Yibhola leli, kusangenzeka noma yini. Siyazi kodwa ukuthi ngeSonto kufanele silwe. Ngiyethemba sizowathatha onke amaphuzu okuzosisiza uma sifuna ukunqoba iligi.”
Khonamanjalo, lo mdlali uveze ukuthi akananxa nokungabizwa esikwatini sakamuva seBafana Bafana ngoba wumsebenzi kaHugo Broos ukuqoka abadlali abathandayo kodwa uzoqhubeka asebenze ngokuzikhandla. U-2025 wunyaka obalulekile kubadlali abaningi kuleli njengoba iBafana izobe idlala kwi-AFCON futhi isethubeni elihle lokungena kwiFIFA World Cup engonyaka ozayo.
IBucs neSundowns bazotholana phezulu eFNB Stadium ngeSonto ngo 15:30 ntambama.