IKaizer Chiefs isimemezele ukuthi umdlali oyibamba emuva uRushwin Dortley usexilongiwe edoleni ebelimhlupha lamhlalisa ngaphandle emdlalweni emithathu edlule. Lokhu kusho ukuthi lo mdlali angase ahlale izinyanga ezimbili kuya kwezintathu engadlali.

IChiefs ayikuvezanga kahle hle ukuthi belinankingani idolo likaDortley kodwa ngokocwaningo lweGibela sithole ukuthi uma umdlali exilongwe edolweni uhlala izinyanga ezimbili ngaphambi kokuthi abuyele ensimini.

Lokhu kusho ukuthi uDortley uyoze abuye phakathi nenyanga kaMay noma ekupheleni kwayo, lapho ke isizini iyobe isiyophela sekusele imidlalo embalwa njengoba kusele ewu-9 njengamanje.

Kungenzeka abaqeqeshi beChiefs baqoke ukumvikela bethi akabuye esezolungiselela ukuqala kwesizini ka-2025/2026.

Ukulimala kwalo mdlali kuphazamise ukubizwa kwakhe kwiBafana Bafana ngaphambi kwemidlalo engesonto elizayo.

Ukulimala kwakhe kunikeze ithuba omunye umdlali owayesengqongoza eqenjini lesizwe nokho ngaphambi kokulahlekelwa yifomu, uGiven Msimango.