Umgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa kuzofanele azinuke amakhwapha ngokuchizela iqembu elalifuna ukumsayinisa ngemali enhle eNorth Africa ukuze ahlale kweZimnyama njengoba ‘isishiphelene’ phakathi kwakhe nabaphathi.
UMabasa kubikwa ukuthi kunokungaboningasolinye phakathi kwakhe nabaphathi beBucs ngenkontileka entsha. Njengamanje uMabasa unenkontileka ephela ekupheleni kwesizini ka-2026/2027.
Ngemuva kokuvalela amagoli awu-15 emdlalwnei ewu-48 ngesizini edlule, uMabasa usephenduke ukudla kwebhentshi kule sizini. Noma ekhuhla ibhentshi, unamagoli amane emdlalweni ewu-9 kwimiqhudelwano ehlukene kule sizini.
Bekubhekwe ukuthi uMabasa uzophula irekhodi likaBenedict ‘Tso’ Vilakazi lamagoli kweZimnyama kule sizini njengoba esesele ngamagoli awu-8 kuphela. Kunabalandeli abashaya amakhala ngokubekwa kwakhe ebhentshini esesondele kangaka ekuphuleni leli rekhodi. Engxoxweni ne-iDiski Times ngoJuly nonyaka, uMabasa wakusho kwagcwala umlomo ukuthi ufuna ukwephula irekhodi lika Tso ngaphambi kwekhefu le-Africa Cup of Nations.
“Kungenzeka…ngo-August sinemidlalo emihlanu, iyisithupha uma ngibala noweMTN9, ngakho ke angiboni kungani ngingeke ngikwazi ukuliphula…” – kusho uMabasa. Lo mdlali nokho kuyobe wayengazi ulindwe wubudlelwano obude nebhentshi kule sizini.
Kungenzeka ukuthi ngaphandle kwendaba yenkontileka, uMabasa akaneme nangokungalitholi ithuba elitheni lokudlala ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou.
Lo mdlali weqiwe yijezi ngisho nakoweBlack Label Cup, ofana nomdlalo neCarling All-Stars. U-Ouaddou uncamele ukusebenzisa uSifiso Luthuli noBoitumelo Radiopane.
Ngaphandle kwabo, kusekhona o-Evidence Makgopa noYanela Mbuthuma okuyiwe ekhefini beshintshana ngesikimu uMabasa eshaya ihlombe ebhentshini.
Engxoxweni noRobert Marawa muva nje u-Ouaddou uthe akanankinga noMabasa futhi ungomunye wabadlali abathandayo inkinga nje ‘unabagadli abaningi’ – waphinde wacacisa nokuthi uthanda ukusebenzisa abadlali abacindezayo phambili.
UMabasa okwamanje usasuse iPirates kwi-Bio yakhe ku-Instagram, okungezinye zezindlela abadlali abaveza ukungenami kwabo. Abanye baze basuse zonke izithombe zabo bedlalela iqembu, njengoba kwenza uPeter Shalulile ngesikhathi efuna ukuhamba kwiSundowns. Okwamanje uMabasa usasuse ukuthi uwumdlali wePirates.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlali wachizela ithuba lokujoyina iqembu laseMorocco Maghreb de Fès eyayizimisele ngokumsayinisa, yaphinde yamthembisa ukumdayisa uma kuqhamuka iqembu laseSaudi noma elaseQatar elimfunayo, okuyilapho abezoyikha ngamafosholo imali.
Eqenjini laseMorocco, eliphekwa wuPablo Franco Martin owayeqeqesha AmaZulu FC, kwabikwa ukuthi ubezohola imali ebalelwa ku-R419,000 ngenyanga.
Lo mdlali wanqaba ukuya eMorocco ngemuva kokwelulekwa wumndeni wakhe.