Owayengumdlali weKaizer Chiefs neSuperSport United uDavid Kannemeyer uthi akayiboni i-Orlando Pirates inqoba isicoco seBetway Premiership kule sizini, kunalokho uthi iMamelodi Sundowns izosithatha futhi.
IPirates isesicongweni seBetway Premiership njengamanje, ishiya iMamelodi Sundowns ngamaphuzu amabili, ngaphezu kwalokho inomdlalo esandleni, uma iwunqoba ingahamba phambili ngamaphuzu amahlanu ngemuva kwemidlalo ewu-13.
Ezimnyama seziqoqe iMTN8 neCarling Knockout Cup kule sizini, futhi umqeqeshi wazo usephumele obala ngokuthatha konke okusele.
UKannemeyer uthi akakuboni kwenzeka.
“Angiyiboni iPirates igudluza iSundowns,” kusho yena engxoxoweni neFARPost.
“Nakumasizini edlule iSundowns ibiqala ngegiya eliphansi kodwa igcina isinqobile isicoco seligi ngoba inenqwaba yabadlali.
“Indlela iSundowns enabadlali ngayo akuhlekisi ngoba kukhala esayo isicathulo ngenxa yalokho. Ngokubona kwami, izophinde iyiwine iligi. IPIrates angiyiboni ibavimba.”
UKannemeyer uqhube wathi asikho isidingo sokuthi iSundowns iqinise isikwati ngabadlali abasha ngoJanuary ngaphandle uma kuzoba wumdlali oyedwa endaweni umqeqeshi abona sengathi bayashoda kuyo.