Owayengumdlali weLeeds United neBafana Bafana uLucas Radebe uthi ngokubona kwakhe isikwati sikaHugo Broos sinazo zonke izinongo ezidingekayo ukuze sinqobe i-Africa Cup of Nations eMorocco.

IBafana iqhathwe ne-Egypt, Angola neZimbabwe kuGroup B. Izobhekana ne-Angola emdlalweni wokuqala ngoMsombuluko ngo-19:00.

URadebe, owanqoba i-AFCON neBafana ngo-1996, uthi iBafana isethubeni elihle lokunqoba lo mqhudelwano ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu e-Ivory Coast.

“Ngokubona kwami sineqembu osekunesikhathi lidlala ezingeni eliphezulu futhi lenza kahle. Uma sibuka isikwati sabadlali abahlanganisiwe, sekunesikhathi bazana manje, ngokubona kwami lezi yizinongo zeqembu elingayinqoba i-AFCON,” kusho uRadebe.

“Ukuba sethubeni lokuyinqoba kuzofakela abalandeli ithemba futhi kubenze balangazelele ukubuka imidlalo. Ngemuva kwendlela esadlala ngayo e-Ivory Coast amathemba okwenza kangcono, nokuthi singayinqoba, akhona.