Umdlali oyibamba esiswini kwiKaizer Chiefs uYusuf Maart ukholwa wukuthi kusezandleni zoMdali ukuvalela amathuba abawakhayo njengoba bephikwa yimphumela selokhe uqalile unyaka.
IChiefs isishaywe kathathu kulandelana nonyaka, ayikakori nelilodwa igoli. Lokhu sekuyishovele kunombolo 6 kwi-log yeDStv Premiership, kwafaka abadlali nomqeqeshi u-Arthur Zwane ngaphansi kwenkulu ingcindezi.
Kule sizini iChiefs isavalele amagoli awu-18 emdlalweni ewu-17. EmpeLEni uma uhlaziya ilog yeDStv Prem yonk kuhlala obala ukuthi onke amaqembu ngaphandle kweMamelodi Sundowns anenkinga yokuvalela amagoli kule sizini.
“ISundowns iyawuna kodwa nathi siyazama, inkinga asinayo inhlanhla kule sizini. Yinto okumele siqhubeke sisebenze phezu kwayo. Uma behamba naso isicoco seligi akukho esingakwenza,” kusho uMaart ekhuluma nabezindaba izolo.
“Asiwuqalanga kahle unyaka. Ngokubona kwami siyawakha amathuba kodwa siyahluleka ukuwavalela, okuyibhadi nje.
“Ekupheleni kosuku konke kusezandleni zoMdali, kunezinto ongeke ukwazi ukuzilawula. Akusizi ke ukukhubeka umoya ngezinto ongeke ukwazi ukuziguqula, impilo iyaqhubeka.”
IChiefs izobhekana neRoyal AM ngeSonto ngo-17:30.