Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usekhuze abalandeli beZimnyama abahhewula unozinti weqembu uSiyabonga Mpontshane (36).
URiveior ukhuze ukudelelwa kukaMpontshane osekujwayelekile ukuthi kube nezikhalo kubalandeli uma ezongena enkundleni.
Lo nozinti unyamanambana kubalandeliĀ beBucs kulandela indlela anekwa ngayo wuYusuf Maart kwiSoweto Derby ngo-Okthoba 29 e-FNB Stadium.
“Akukho kuhle ukungesekwa komdlali wethu uma ezongena enkundleni kuphuma omunye. Akusho lutho ukudelelwa ekuhambeni ngoba vele kufakela iqembu intshisekelo, kodwa akukho kuhle uma udlala ekhaya,” kusho uRiveiro ngokombiko weSABC Sport.
“Sikhuluma ngesibalo esincane sabantu. Iningi labalandeli liyaseseka ezinkundleni esidlala kuzo. Iyajabulisa indlela esesekwa ngayo eThekwini, Cape Town nasePolokwanne.”
URiveiro uqhube wabonga abaalandeli ngokweseka iqembu, ngisho nalabo ababukela emakhaya abangakwazi ukuya ezinkundleni.
IPirates izobhekana neMarumo Gallants ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku eRoyal Bafokeng Stadium.