Owayengumqeqeshi weSwallows FC neBlack Leopards, uDylan Kerr, uthi akaqondi ukuthi kungani kugxekwa iMemolodi Sundowns ngokuba womacaphuna kusale ngoba isitshale imali eningi ebholeni lakuleli.

UKerr uveze lokhu engxoxweni ne-Hit The Target Podcast kulandela ukubuya kwezicelo zokuthi kwethulwe imithetho ezolawula imali esetshenziswa amaqembu ukuthenga abadlali kwi-PSL.

Kuleli sonto uJabu ‘Pule’ Mahlangu ususe inkulumo-mpikiswano ezinkundleni zokuxhumana esola iSundowns ngokubulala iPSL neBafana Bafana ngokubeka abadlali abaseqopheleni eliphezulu ebhentshini.

Ephawula ngalolu daba uKerr uthe impumelelo yeSundowns ayilele kwimali enayo kuphela, kuningi okunye ekwenzayo ukuqinisekisa ukuthi iqembu lidlala ezingeni eliphezulu. Uphinde waveza ukuthi abanikazi beSundowns, okuwumndeni wakwaMotsepe, baxhase iligi ephakela iDStv Premiership ngakho akumele ngabe bayabuzwa ngabakwenza ngemali yayo.

“Kunenqwaba yabadlali ababolekiswe yiSundowns abalekelela amanye amaqembu. UJody February ubolekwe AmaZulu kuleli sonto, wasisiza kakhulu kwiSwallows ngisaqeqesha kuyo. Ngeshwa kwathi sekuphela isizini wabuyela kwiSundowns. Amaqembu ayazuza ngokubolekwa abadlali yiMamelodi Sundowns.

“Angiqondi ukuthi iqhamukaphi le ndaba yeFinancial Fair Play ngoba abakwaMotsepe baxhasa i-NFD ne-ABC…amanye amaqembu awakhuphule amasokisi nje azame ukufinyelela kwizinga leSundowns,” kusho uKerr.