Umdlali weChippa United neBafana Bafana uSinoxolo Kwayiba usephumele obala ngohlobo lweqembu afisa ukulijoyina oma esuka kwiChilli Boys.

UKwayiba (25) uvalele igoli lokuqala edlalela iBafana izolo ngesikhathi beguqisa iMozambique ngo 2-0. Uhambe nendondo yomdlali ovelele ngemuva komdlalo ngenxa yokushaya into ecokeme phambili.

Ngokwemibiko engakaqinisekiswa, lo mdlali uzojoyina i-Orlando Pirates uma esuka kwiChippa United. Ekhuluma neSABC Sport izolo uphumele obala ngesifiso sokudlalela elinye lamaqembu amathathu amakhulu kuleli ngesizini ezayo.

“Ngijabule ngendlela engidlale ngayo namahlanje [izolo], kodwa ngifuna ukudala kangcono. Ngiyethemba ngizophinde ngilithole ithuba.

“Nginethemba lokudlalela elinye lamaqembu amathathu amakhulu, bese ngiyasuka ngiyodlala phesheya – yiphupho lami leli futhi lizofezeka.

“Ngizodlalela elinye lamaqembu amakhulu, ngeke ngiliveze igama. Kodwa ngifuna ukudlalela oyedwa kwi-big three.”