Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi umdlali olizwa ngendaba ijezi kwiMamelodi Sundowns uThapelo Maseko usangaba nekusasa eliqhakazile futhi azibekisele nendawo eqenjini lesizwe.
UMaseko kulindeleke ukuthi abheke elinye iqembu ngemuva kokushiywa ngaphandle esikwatini sabaldlali abawu-26 abayodlala kwiFIFA Club World Cup neMamelodi Sundowns.
Lo mdlali nyakene iFIFA imubale kubadlali abasafufusa ababukeka benekusasa eliqhakazile ebholeni embalwa noLamine Camara, Oumar Diakite noNene Dorgeles. U-2025 awumhambelanga kahle nokho lo mdlali njengoba ebebuye akhonjwe kwi-reserve team yeSundowns. Kuzokhumbuleka ukuthi ungomunye wabadlali abaqala ukubizwa kwiBafana wuHugo Broos benganakiwe kakhulu eMzansi, ngesikhathi esadlalela iSuperSport United.
UBroos uthi akuphelile ngaye.
“Wonke umdlali unethuba lokudlalela iBafana Bafana, kodwa kuya ngokythi bayadlala yini nokuthi banalo yini ikhono lokudlalela iqembu lesizwe,” kuchaza uBroos ngemuva komdlalo wayizolo neMozambique abawunqobe ngo 2-0.
“Isimo abhekene naso kwiSundowns wukuthi uma kunabadlali abawu-35m kukhona abadlali abazoqala. Ngeke uye e-USA nabadlali abawu-35.
“Bahambe nabadlali abawu-26 ngoba isona sikali esibekiwe, akukho lula. Kudingeke ukuthi bathathe izinqumo ezinzima ngabanye abadlali, nokuyinto eyenzekile kuMaseko. Isinqumo somqeqeshi.
“Kwesinye isikhathi uma ubuka amaqhinga eqembu, ngeke uthathe abantu abathathu abadlala endaweni eyodwa. Ngakho ke kukhona abazosala. Kodwa akuphelile ngamathuba akhe eqenjini lesizwe.”