Isigameko sokushaywa komqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, kubeka ngokusobala intukuthelo yabalandeli baMakhosi osekuneminyaka bagcina ukujatshuliswa yiqembu labo ngokunqoba umqhudelwano. UZwane zimnethile eRoyal Bafokeng Stadium kulandela ukushaywa kweChiefs ngo 1-0 ibhekene neSuperSport United.

Lesi sigameko nokho kufanele sigxekwe ngoba kasikho isidingo sokusebenzisa udlame uma imphumela ingahambi kahle enkundleni.

Kunabalandeli beChiefs lo mkhuba ovame ukubavuka uma iqembu liphethe wumqeqeshi odabuka kuleli. Omunye umqeqeshi ezake zamnetha wuSteve Komphela owaphuma ngesamagundwane eMoses Mabhida ngo-2018.

Kodwa kusukela ahlaselwa uKomphela, iChiefs ayikanqobi lutho ebambekayo. Kunalokho iChiefs yalanda uGiovani Solinas, owahluleka, kwalandela u-Ernst Middendorp, owaphucwa iqatha emlonyeni, kwalandela uGavin Hunt ogudluzwe sekuyophela isizini esefake iqembu kuma-semifinal eCAF Champions League, kwabuyiswa uStuart Baxter ofike wahluleka naye.

Ukuhlasela umqeqeshi, noma ukushintshwa kwabaqeqeshi akubukeki kuyisebenzela iChiefs ngoba sekwenziwe izinguquko eziningi kubaqeqeshi kodwa namanje iyahluleka ukuqhudelana neMamelodi Sundowns. Njengamanje, i-Orlando Pirates ingenhla kweChiefs. Ngaphandle nje kokunqoba iMTN8, iPirates izodlala kwifinal yeNedbank Cup futhi isangaqeda kunombolo 2 iyodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.

Abalandeli beChiefs akumele ngabe bagxeka abaqeqeshi kuphela. Intukuthelo yabo kufanele bayibhekise kubaphathi beqembu abahlulekayo ukusayinisa abadlali abasezingeni eliphezulu. Inkinga yeChiefs kule sizini akuwona amaqhinga omqeqeshi, inkinga ukubadlali abahlulekayo ukunqoba imidlalo. Uma bengageji inqwaba yamathuba okokura phambili, kukhona ozokwenza iphutha emuva elizodala igoli.

Akubona bonke abadlali beChiefs abasezingeni lokudlalela leli qembu, abalandeli kumele ngabe sebekubonile manje lokho.

Okubi nje ukuthi abaphathi baMakhosi ngesizini edlule badedele inqwaba yabadlali, basayinisa abasha, abanye bakhushulwa kwiqembu leDiski. IChiefs isadinga okungenani abadlali abane abasha abasezingeni eliphezulu. Idinga abagadli ababili (ngoba uyadedelwa lo yedwa ongazi wasayiniswa kwenzenjani), oyedwa odlala u-6 esiswini, noleft back (ayikho lento kaSifiso Hlanti) – emuva vele sekubikiwe ukuthi kuza abadlali ababili abasha.

Okubaluleke kunakho konke ukusayinisa abagadli abadabula inethi ngoba iChiefs kule sizini ikuvezile ukuthi iyakwazi ukwakha amathuba. Ukungasayiniswa komgadli ke akuyona inkinga ongasola ngayo umqeqeshi. Abaphathi beChiefs okwakufanele baqinisekise ukuthi isizini iqala iqembu liphethe abagadli abanzima, hhayi oBimenyimana.